Uma uthola imali yosizo lukahulumeni , okungafanele uyithole, uzobhekana nomsebenzi wokuyibuyisela kuhulumeni ngaphandle kokuba aboMnyango wezeNtuthuko yaBantu beneliseka ngokuthi ubungazi ukuthi akufanele uyithole. Kulesi simo, imali yosizo lukahulumeni kumele imiswe noma ikhanselwe, ngoba kuzothathwa ngokuthi lokhu yicebo lokukhohlisa ukuzizuzisa.
Ngabe le nkonzo isebenza kubani?
Abantu abafumana iigranti abangafanelekanga bazifumane.
Uma imali yosizo ingalandwa izinyanga zize zibe zintathu ngokulandelana.
Uma umuntu engekho eNingizimu Afrika isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha.
Uma uthola ukuthi wamukela imali yosizo lukahulumeni okungafanele uyithole, kumele wazise abehhovisi lezokuvikeleka kwabantu eliseduzane nawe.
Abomnyango bazokhansela inani elikweledwa nguwe, uma begculiseka ngokuthi ubungazi ukuthi akumele uyithole leyo mali.
UMqondisi-Jikelele woMnyango angathi ngokubona kwakhe afune izimali ngokufakela inqubo yecala lomthetho maqondana nalowo muntu.
UMqondisi-Jikelele woMnyango angavumela ukuthi ukukhokhwa kwemali kuqhubeke isikhathi esithize ngokulandela izimo ezithile ezibekwe ngumuntu ofuna ukuqhubeka nokukhokhelwa leyo mali yosizo. Isicelo kumele senziwe ezinsukwini ezingu-90 ngemuva kokumiswa kwemali yosizo lukahulumeni.
Uma umuntu efuna kubuyekezwe udaba lokumiswa kwemali yosizo lukahulumeni, kumele achaze ingeniso ngesikhathi sokwenza isicelo. Lokhu kuzoba yisisekelo esisetshenziswa ngabomnyango lapho wenza isinqumo sokuthi ngabe kumele isibuyekeze yini isimo sakho noma cha. Umenzi wesicelo uzokwaziswa ngomphumela wesicelo ezinyangeni ezingu-3 kungakafiku usuku lokubuyekeza, noma usuku okwenziwa ngalo isitifikedi.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu atholakala kwihhovisi eliseduzane lengosi Yezenhlalakahle Yomphakathi wase Ningizimu Afrika.
